"Inhlupheko" lyrics
"Inhlupheko"
(feat. Mduduzi)
Sawubona mtanami
Ngithemba okuthi uyaphila
Ngokwe gama ngudoris
Ngiyabonga usuze wa fika
Mzukulu, leth' amanzi
Ukutheng' icold-drink ngyafisa
Kodwa ikati lilele ezikho
Sibong' umphefumulo masiphila
Mtanami angixolise, ukuk'moshela isikhathi
Okungezeka ukuthi umatasa
Kodwa ngeke ngithath' isikathi
Mzukulu, awleth' icansi
Umalume ake ahlale phansi
Angazi ng'zoqalaphi
Kodwa ng'celi ukuqala phansi
Mangithi ngiya bheka, umama ugqwele usizi
Kodwa imbokodo yokuqina le iyibambe ishisa insimbi
Mzukulu uyahlakula kukha'l igeja ugcwel' insimu
Sesizwa ileya nkomo ukuthi silale sidlile ubisi
Mtanami angikusho lokhu
Mina ngazalelwa ukuhlupheka
Ngiyinhlekisa emphakhathini nginana impuphu neshugela
Abanye bathi ngiya thakatha
Ngithule bengisukela
Angiyazi injabulo
Kodwa eZulwini ngiyokhululeka
Kuze kube nini, isimo singashintshi?
Inhlupheko, ngikhala eb'suku ne mini
Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
We-Jesu nguwe ithemba lami
Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumula xa ndifika kuwe
Intokozo, mina iyami inzima
Njegoba ubona amathuna
Bonke la ekhaya bangishiya
Lomtwana omsehlana yena ubabakhe wamphika
Kusele mina neMzukulu
Masihamba kuyosala inxiwa
Ngyazi isisho sithi "Alikho ithuna lendlala"
Lomtwana engimtetile, unina wamshiya ekhala
Lona omdala uhlale ebuza "Ukuphi umama?"
Wahamba eyofuna itoho
Akaphindanga wabuya ekhaya
Mtanami, kunzima kunokuphela iviki ngadlile
Ngikhalela uMzukulu abuye eskoleni elambile
Kodwa usebenza kanzima
Ukuba nekusasa eliqhakazile
Ukuthi uphuma enhluphekweni
Kodwa ezifundweni udlal' ephasile
Eqinisweni, mtanami mina ngyafisa ubaba angithathe
Kodwa abazukulu mina ngeke ngibalahle
Uyazi isifiso sami ukuthi bafunde baphase
Nali ithawula, mtanami
Bengaqondile ukuthi ukhale
Kuze kube nini, isimo singashintshi?
Inhlupheko, ngikhala eb'suku ne mini
Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
We-Jesu nguwe ithemba lami
Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumula xa ndifika kuwe
Liyaphuma, liyashona
Kimi akuna mehluko
Yebo, ekukhuleni kwami nami
Ngakhula ngina amaphupho
Ngyathula nje, ngilalele enkozweni besho amahubo
Isiqalekiso sami ubaba wabamba elentulo
Kwakhala inyonini layikhaya basiqalekisa
Amathuna anele ebaleni kushoda elami ngivalelise
Bengaqondile ukudabukisa
Ngyaxolisa mtanami, akuyona inhloso nje ukubalisa
Namhlanje mtanami, asazi siyolala sidleni
Into enokungisiza ukuyothengisa erenkeni
Ngizivulele itafula ngiqokelele osheleni
Kokunye nginokulala khona
Ngivuke ngithengise ekuseni
Kunzima mtanami, sidla imbuya ngothi
Angilazi icala lami, emhlabeni ngiyi soni
Kodwa sengivumile, injabula angiyitholi
Angikukhulule mtanami uhambe ilang lingashoni
Kuze kube nini, isimo singashintshi?
Inhlupheko, ngikhala eb'suku ne mini
Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
We-Jesu nguwe ithemba lami
Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumula xa ndifika kuwe
Writer(s): Edward Gobizembe, Siyabonga Nene, Mfundo Khumalo, Sibusiso Wiseman Nkwanyana
- AZLyrics
- B
- Big Zulu Lyrics
album:
"Ichwane Lenyoka" (2021)
You May Also Like
Kelly Khumalo - "Dance Comigo" Tell me, baby, what's your mane? (Aha aha)
Like the way look at me
As you dance for me (Aha, aha)
Your beauty defines my aura
You're good to me like a dollar
Here I am, use me (Oh)
Your beauty...
Mi Casa - "Mamela" Getaway, getaway, getaway
Is all I wanna do
A little getaway with you
Oh baby
Yeah
Getaway, getaway, getaway
Is all I wanna do
Spend a little time with you
Oh baby
Yeah
Aung'Mamele
Aung'Mamele...
Cassper Nyovest - "Bonginkosi" Ke leboha Morena - 'ha morena
Ke leboha Morena - 'ha morena ('Ha Morena)
Ke leboha Morena - 'ha morena
Ke leboha Morena (For your grace) - 'ha Morena
Ngiya bonga Baba (Ngiya bonga Baba)
Ngiya bonga...
Shekhinah - "Fixate" Fixate on you
I don't debate with you
I look a way for you
Team player!
I lose the weight for you
Look amazed for you
Celebrate with you
Team player!
Learning to love
Is a story of us
Up till we're...
AKA, Sho Madjozi & Flvme - "Casino" My love and my touch
Up above, made with the warmth of my
My love and my touch
Up above, made with the warmth of my
Loko no bayiza niya kaya mina anaha tlheli
Loko no kuma na makhwaya futhi anaha...