"Ilanga" lyrics
Inkabi Zezwe Lyrics
"Ilanga"
Awuy'vule kancane
Ungasayivala stallion
Hooo hah
Heh
Halalala
Heh yah
Asambe mkhaya
Hai
Nhliziyo yami ngise
Hai lakhu phela khona uthando hey
Hai lishona khona
Kodwa aliphumi khona
Hamba ubuye sthandwa sam hey
Uma ilanga liyoshona heh
Shona langa, shona heh
Hai lishona khona
Kodwa aliphumi khona
Hamba ubuye sthandwa sam hey
Uma langa liyoshona heh
Shona langa, shona hey
Haii lishona khona
Kodwa aliphumi khona
Hamba ubuye sthandwa sam hey
Ilanga maliphuma
Kwabanye liphuma namathuba amasha
Kodwa kimi maliphuma
EMpumalanga liphuma nothando lwethu
Ngakhula kuthiwa malishona ilanga
Lishona nendaba zalo
Kodwa kimi malishona
Malishona, shona nothando lwethu
Ushuni we nkabi
Uma ilanga liyoshona heh
Shona langa, shona hey
Haii lishona khona
Kodwa aliphumi khona
Hamba ubuye sthandwa sam hey
Uma ilanga liyoshona heh
Shona langa, shona hey
Haii lishona khona
Kodwa aliphumi khona
Hamba ubuye sthandwa sam hey
Aii
Sthandwa sam yazi ngikhala ngingashayiwe
Side lesisikhathi washiya inhliziyo iphukile
Namanje mangicabanga inqondo yami isadukile
Mangivala amehlo kukhala iqhude ngivele ngiphaphame ngiphuphile
Bathi ekhaya ungidlisile
Abanye bathi ungilahlile
Angiphike ngivela ngithula ngoba nami ngididekile
Kungenzeka usuthathiwe
Baqinisile ungishiyile
Awuphendule impendulo ngabe ukhona osekuthathile
Bayahluleka abodokodela washiya islonda esingapholi
Bathi inhliziyo inengozi uma ungabuyi ngeke ingaboli
Ukuphila kwami kubaliwe
Kungenzeka ikusasa ngaliboni
Ngicela ubuye themba lam' ela namhlanje lingashoni
Thanks to Tshire for correcting these lyrics.
- AZLyrics
- B
- Big Zulu Lyrics